Wancela luphi ulimi umphenduli mibuzo?
Ngolwimi aluncelile ke- sichaza lolo lwimi umphenduli mibuzo alufunda kuqala, ulimi aye akhuluma ngalo umphenduli mibuzo, kumbe aziyamanisa nalo kalula nangokokuzikhethela.
INOTHI - HHAYI ubulili bebamba.
Wazalwa nini ophendulayo, usuku, inyanga nonyaka?
Kungabe ukusiphi isimo sokushada ophendulayo?
Kungabe ophendulayo useke walunguza nje esikoleni?
Wafinyelela kuliphi izinga lemfundo?
Iyini imvelaphi yakhe noma ubuzwe bakhe?
Manjena ke sifuna ukuthi ukhumbule umngane wakho kumbe isihlobo sakho sasinjani eminyakeni eyi 10 eyedlule bese lokho ukuqhathanisa nesimo sakhe samanje. Iminyaka eyishumi eyedlule kwabe kungu 1996. Ngezansi kukhona izimo lapho lo muntu kufanele asebenzise khona ukukhumbula kwakhe kumbe ubuhlakani kanti sifuna ukuba wena usho noma lokhu sekungcono yini, kusefana noma sekube kubi ngaphansi kwaleso simo esikhathini esiyiminyaka eyi- 10 esedlule. Uqaphelisise ubumqoka bokuqhathanisa ukwenza kwakhe kwamanje nalokho kwaseminyakeni eyi 10 eyedlule.
Isibonelo, uma eminyakeni eyi 10 eyedlule lo muntu wayekhohlwa njalo lapho eshiye khona izinto, futhi namanje usakhohlwa, lokho singakuchaza sithi nje "akukho luguquko lutheni".
OBUZAYO: angakhombisa ophendulayo isikalo bese efunda izinhlobo.
Uma kuqhathaniswa nalokho kwaseminyakeni eyi 10 eyedlule unjani lo muntu kulokhu...
Uma kuqhathaniswa nalokho kwaseminyakeni eyi 10 eyedlule unjani lo muntu kulokhu...
Manje sengishintshela kumibuzo ephathelene ngqo nempilo yomphenduli mibuzo. Imibuzo yokuqala iphathelene nempilo yakhe jikelele, ngizobe sengibuza nangempilo yakhe emzimbeni nasengqondweni-ke.
Ngokujwayelekile, ungasibeka kuliphi izinga isimo sempilo ka [IGAMA] namuhla?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, bube ngakanani ubunzima ahlangabezane nabo maqondana nomsebenzi kanye nokwenziwa ekhaya?
Manje ngithanda ukubuyekeza ukusebenza ngezindlela ezehluka hlukene komzimba wakhe. Lapho uphendula le mibuzo, ngingathanda ucabange ngezinsuku ezingama 30 ezedlule, ucabange kokubili izinsuku ezibe zinhle nezingabanga zinhle. Uma ngibuza ngobunzima umphenduli mibuzo angaba nako, Ngithanda ucabange ngokuthi buye baba ngakanani ubunzima abe nabi, esithubeni esisendimeni, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, ngenkathi enza umsebenzi ngendlela avame ukuwenza ngayo. Ngobunzima-ke, Ngichaza ukudinga ukuba azame kakhudlwana, ingcindezi noma ubuhlungu, ukunensa kumbe ukwenza ngokuhlukile kokujwayelekile.
OBUZAYO: Lifundele bese ulikhombisa isikalo ibamba.
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani u [IGAMA]...
ekwenzeni okuxukuzanayo ('ukwenza okuxukuzanayo' kudinga izikhwepha bese kwenza uphefumulele phezulu nenhliziyo ishaye ngamandla)?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani u [IGAMA]...
ngokuzinakekela, njengokuzigeza/ukuwasha nokuzigqokisa?
ekunakekeleni ukubukeka kwakhe nokuzicwala (isibonelo, ukuzilungisa, nokubukeka uyinono)?
ekuhlaleni yedwa izinsukwana (3kuya ku 7 wezinsuku)?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule,...
kube ngakanani ukukqaqanjelwa nobuhlungu emzimbeni abe nakho?
ibe ngakanani ingcindezi emzimbeni abe nayo?
uye wahlangabezana nobunzima obungakanani empilweni yakhe yansuku zonke ngenxa yobuhlungu bakhe?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani...
ekugxiliseni umqondo noma ekukhumbuleni izinto?
ekufundeni umsebenzi omusha (isibonelo, ukufunda ukuthola indawo entsha, ukufunda umdlalo omusha, ukufunda indlela entsha yokupheka)?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani u [IGAMA]...
nobudlelwane nabanye nokubamba iqhaza emphakathini?
ekubhekaneni nezingxabano nokungaboni ngaso linye nabanye?
ekwakheni ubungane obusha noma ekuginenei ubungane obuvele bukhona?
ekubhekaneni nabantu angabazi?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nenkinga engakanani...
yokulala, njengokuphuza ukuzumeka, ukuvuka njalo njalo ebusuku noma ukusheshe avuke ekuseni?
ngenxat yokungaphumuli nokuzizwa engaswangulukile emini (isibonelo, ukuzizwa ukhathele, ukungabi namdlandla)?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, ibe ngakanani inkinga abe nayo u [IGAMA]...
ngokuzizwa edangele umzimba nomoya uphansi?
Wagcina nini ukuhlolwa amehlo awochwepheshe?
Obuzayo: faka iminyaka noma izinyanga ezedlule.
Kungabe usebenzisa izibuko noma ezinanyekwayo ukubona kude (isibonelo, phesheya komgwaqo)?
Kungabe usebenzisa izibuko noma ezinanyekwayo ukubona eduze (isibonelo lapha nje, njengoba mayesuke efunda)?
Ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani ekuboneni nasekukhumbuleni ubuso bomuntu kumbe into ayaziyo ngaphesheya komgwaqo (ebangeni elingamamitha angu 20)?
Ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, uye wahlangabezana nobunzima obungakanani ekuboneni nasekukhumbuleni into eseduze (isibonelo, efunda)?
Jikelele, ezinsukwini ezingama 30 ezedlule, ibe ngakanani inkinga abe nayo u [IGAMA]...
ngokuphefumula, njengokuphelelwa umoya esephumule?
Manje ngithanda ukukufundela imibuzo mayelana nezinye iznkina zempilo kumbe izidingo zonakekelo mpilo u [IGAMA] okungahle kube useke wahkangabezana nazo, kanjalo nokwelashwa nokunakekelwa akuthola ngako.
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo...
P4002a emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe u- [IGAMA] usake watshelwa ungoti wezempilo ukuthi une- stroke?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo...
P4011a emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo...
P4015a emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe u- [IGAMA] usake watshelwa ungoti wezempilo ukuthi une- diabetes (ukukhushukelwa usukelwa egazini)?
Kungabe ubesebenzisa i- insulin noma amanye amakhambi ehlisa izinga likashukela egazini...
P4023a emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe kukhona umgomo othize wokudla awulandelayo, uhlelo lokuzivoca voca kumbe uhlelo lokulawula isisindo maqondana ne-dayabhethi emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo (njenge- oxygen)...
P4026a emasontweni ama 2 edlule?
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, kungabe useke wahlolelwa i (TB) Ngisho ukuthi, useke wakhona yini udokotela othatha isikhwehlela sakhe ukuba siyohlolwa (ngokuthi akhwehlele kakhulu bese isampula azolikhipha liyiswe elabhorathri ukuyohlaziywa) kumbe athathwe izithombe ze x-ray yesifuba?
Kungabe u- [IGAMA] sewake wacatshangelwa ukuthi unesifuba somoya (i-asthma) (isifo esidala izinkinga ekuphufumuleni kulandela izimo ezithize)?
Kukhona mhlasimpe ake wakuphuza kumbe wakusebenzisa ukwelashelwa lesi simo...
P4034a emasontweni ama 2 edlule?
Kungabe u- [IGAMA] sewake wacatshangelwa ukuthi unesifo sokudangala?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo...
P4041a emasontweni ama 2 edlule?
Okunye ukwelashwa kungambandakanya ukwethamela izigcawu kochwepheshe abangabeluleki.
Kungabe u- [IGAMA] sewake watshelwa udokotela noma omunye ungoti ukuthi unesifo sokuminyanelwa yimithambo yegazi (hypertension)?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo maqondana nalesi simo...
P4061a emasontweni ama 2 edlule?
Kuminyaka emi 5 eyedlule, kungabe u- [IGAMA] sewake watshelwa ukuthi iso lakhe elilodwa noma omabili ayagula (ukuba bufipha kwesiboni selihlo)?
Kuminyaka emi 5 eyedlule, useke wahlinzwa ukuyongula amehlo?
Manjena-ke, sengicela ungitshele ngesimo somlomo namazinyo akho - nanoma kuyinkinga na ukugwinya.
Kungabe u- [IGAMA] asemlahlekele onke amazinyo akhe okuzalwa?
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, ingabe ube nazo izinkinga emlonyeni nasemazinyweni Lokhu kumbandakanya izinkinga zokugwinya?
Kungabe kukhona amakhambi awathathayo kumbe okunye ukwelashwa akwethamelayo (kudokotela wamazinyo noma omunye uchwepheshe wezifo zomlomo) maqondana nalesi simo...
P4068a emasontweni ama 2 edlule?
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, kungabe u- [IGAMA] useke wathola ukulimala engozini yemoto?
FUNZELELA: Lena kungaba yingozi eyamthola engumgibeli, ehamba phansi, kumbe kunguye owabe eshayela.
Walimala kanjani Kwaba yingozi, kwaba omunye umuntu owenza lokhu kuye noma wazenza yena?
Kungabe wakuthola ukunakekelwa noma ukwelashwa maqondana nokulimala kwakhe?
Kungabe wakhubazeka ngenxa yakulimala?
OBUZAYO: ukukhubazeka kuyinoma iwuphi umkhawulo noma ukungakwazi ukwenza izinto owawukwazi ukuzenza phambi kokulimala.
OBUZAYO: Kekelezela konke okukhethwe yiBAMBA likamphenduli mibuzo.
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, kungabe u- [IGAMA] uke wahlangabezana nesigameko lapho alimala khona emzimbeni?
Q4073a. Wayekuphi ngenkathi elimala?
Kwaba yini imbangela yokulimala kwakhe?
Walimala kanjani Kwaba yingozi, kwaba omunye umuntu owenza lokhu kuye noma wazenza yena?
Kungabe wakuthola ukunakekelwa noma ukwelashwa maqondana nokulimala kwakhe?
Kungabe wakhubazeka ngenxa yakulimala?
OBUZAYO: ukukhubazeka kuyinoma iwuphi umkhawulo noma ukungakwazi ukwenza izinto owawukwazi ukuzenza phambi kokulimala.
OBUZAYO: Kekelezela konke okukhethwe yibamba likamphenduli mibuzo.
Manje ngithanda ukukubuza mayelana nezinye zezinhlobo zonakekelo mpilo kumbe ukuhlolwa osuke wakuthola.
Wagcina nini ukuhlolwa isibeletho Ngokuhlolwa isibeletho, ngisho uma udokotela noma unesi emhlola isitho sakhe sangasese kanye nesibeletho?
OBUZAYO: faka u- "00" uma ungakapheli unyaka.
Mhla egcina ukuhlolwa isibeletho, kungabe wahlolwa ngendlela ka PAP ngendlela kaPAP ke ngichaza ukuthi, kungabe udokotela kumbe umhlengikazi wathatha isampula ngokusavolo kumbe okuwuthi phakathi esithweni sangasese wase elithumela elabhorathri?
Wagcina nini ukwenza i- mammography, uma kwake kwenzeka Kusho ukuthi, i- x-ray yamabele ukubambla umdlavuza webele usasuka phansi?
OBUZAYO: faka u- "00" uma ungakapheli unyaka.
Ngifisa ukwazi ukuthi kumhambele kanjani u [IGAMA] kumizamo yakhe yakamuva yokuthola insizakalo yezokwelashwa kubasebenzi bonakekelo mpilo, ezibhedlela, emitholampilo nakumgudu wezempilo. Ngifisa ukwazi u- [IGAMA] usanda kuludinga yini usizo lonakekelo mpilo, futhi uma kunjalo, kwakungasizathu sini futhi waluthola kuluphi uhlobo lomhlinzeki nsizakalo yonakekelo mpilo.
Wagcina nini u- [IGAMA] ukudinga unakekelo mpilo?
OBUZAYO: lolu sizo kungaba olokulaliswa kumbe olokwelashelwa ngaphandle.
Mhlazane egcina ukudinga unakekelo mpilo, kungabe waluthola?
P5002a. Yisiphi isizathu esinqala ayesidingela unakekelo mpilo, noma ngabe engazange wasizakala?
Yiziphi izizathu ezichaza kangcono ukuthi kunvani engalutholanga usizo lwezempilo?
Ubeye aye kuphi isikakhulukazi uma ezizwa engaphilile kumbe edinga ukubona ongase amsize mayelana nempilo yakhe?
Imibuzo emibili elandelayo iphathelene nanoma ikuphi ukulaliswa kuka- [IGAMA] esibhedlela noma esinye isizinda sonakekelo mpilo eminyakeni emi 3 eyedlule.
Wake walaliswa yini esibhedlela kumbe esizindeni okuhlalwa kade kuso?
Wagcina nini ukulaliswa esibhedlela kumbe esizindeni okuhlalwa kade kuso?
Manje ngithanda manje ngifuna ukwazi ngezikhathi zakamuva nje - ukuthi u- [IGAMA] useke waba neziqubu zokulaliswa esibhedlela kumbe olunye uhlobo lwesizinda sonakekelo mpilo ezinyangeni eziyi 12 ezedlule.
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, walaliswa kangaki esibhedlela/kusizinda okuhlalwa kade kuso okungenani ubusuku obubodwa?
Ngifisa ukwazi kabanzi ngokuthi kungani u- [IGAMA] ayedinga ukulaliswa esizindeni sonakekelo mpilo. Ngifisa ukwazi kabanzi malungana nokulaliswa kwakhe kwakamuva, kumbandakanya nokuthi kwakungani ayedinga ukulaliswa. Manjena-ke, sengifuna ukuthi ubuyele emuva ucabange ngokulaliswa kokugcina esibhedlela kuka [IGAMA] kuphela.
Kwabe kunhloboni yesibhedlela kumbe isizinda sokwelapha Ukhumbule-ke belu ukuthi kulokhu ngibuza ngokulaliswa kwakhe kokugcina (kwakamuva)?
Ngineminye imibuzo eyidlanzana mayelana nonakekelo mpilo olwatholwa u- [IGAMA], kepha kungabi unakekelo mpilo olumbandakanya ukulaliswa. Lokhu kumbandakanya unakekelo aluthola esibhedlela, esezindeni sezempilo, emtholapmpilo, ehhovisi langasese, kumbe ekhaya eluthola kumsebenzi ohlinzeka unakekelo mpilo, kodwa okungazange kwambandakanya ukulaliswa.
Ezinyangeni eziyi 12 ezedlule, kungabe u- [IGAMA] kukhona unakekelo mpilo aluthola NGAPHANDLE kokulaliswa esibhedlela kumbe esizindeni okuhlalwa kade kuso?
Kungabe zingaki sezizonke izikhathi u- [IGAMA] athola ngazo uankekelo mpilo kumbe ukwelulekwa ezinyangeni eziyi 12 ezedlule?
Ngingathanda ucabange ukuvakashela kwakamuva kuka [IGAMA] - nokukuphonsa imibuzo ephathelene ngqo nokuvakashela kokugcina kumbe kwakamuva kuka- [IGAMA].
Imuphi umhlinzeki nakekelo mpilo agcine emvakashele?
b. Kungabe lokhu kuvakashela [umhlinzeki nakekelo lwezempilo] kumayelana nesifo esidonsayo (esiqhubekayo), isifo esisha noma kokubili?
